Ngizokumitha emuvini

Unkle says: Bewazi?

Mshana thatha nansi ithiphu oyinikwa wu unkelza. Ngivamise ukuzwa uma nenza ama appointmente okuhlangana  nezithathandwa zenu ebhayisikobho nivese nithi “ngizokumitha emuvini”

Niyazinje ukuthi “ukumitha” means fall pregnant and “umvini” means vineyard. Uma uthi ngizokumitha umuvini usho  ukuthi “I’ll fall pregnant in the vineyard”

So,if ungamfici umuntu wakho ekulinde ecinema, hamba uyombheka ku vineyard eseduze ungase umthole ekulinde khona futhi ezimisele.

Nithini ngiqhubeke ngininike amathiphu ngezinto enizenza ningaqondi?

Hhayi kabi bashana.

Zulu Facebook Statuses

Social networking is HUGE. Kwabantu abasha izinto ezifana noFacebook, Mxit noTwitter zihamba phambili zidlula umabonakude kulezinsuku! Social networking is a way of expressing yourself and because of this we are seeing more and more Facebook statues and tweets in isiZulu. NjengomZulu ulimi lwakho luyindlela ebalulekile of expressing yourself okusho kuthi isiZulu sisetshenzizwa kakhulu kunakuqala in social networking.

As isiZulu finds its way onto the internet kuqhamuka indlela entsha yokubhala isiZulu unique to the internet. Izinto ezifana noMf2 and GPY (Giligidi Phansi Yinsini). Pho ingabe yini indaba abantu besabhala ngesingisi ngisho kubonakala ukuthi siyabahlula??

Izinsuku ezingu 12 zaKhisimusi

Ngosuku lwesishumi nabili likaKhisimusi

Isithandwa sami sang’nika

Abazala abawu 12 engingabazi

Izitsha ezingu 11 eziphuma kwi-room divider

O-antie abwu 10 bathi ngikhuluphele

Ama saladi ane mayonnaise awu nine

Izindishi ezingu-8 zajelly nokhastadi

Ama-DVD box set e-Generations awu-seven

Ama pieces awu-six enkukhu

O-callback abahlanu

Izingubo ezine zikaKhisimusi

I-set yamaglasi amathathu

Ama plate amabili anama-snacks

Nebhokisi elikhulu lama Bakers biscuits

Unyathela ngabantwana

Kumnandi ukuba umuntu wesifazane owum’Zulu! Akekho umuntu ozokutsela ukuthi fanele ube islilenda ukuze uthole the attention of the opposite sex. In fact, it’s often the other way round. Baningi abantu besilisa abathanda umuntu wesifazane owondlekile, o-two-slice abafuneki in some circles. Anginankinga-ke mina ngoba angaze ngibeu-two slice. Nokho-ke sufikile ukhisimusi nezinto ezimnandi and ngizodla ngokukhululeka- ngiyaphinda ngithi kumnandi ukuba intombi owum’Zulu. Read the rest of this entry »

Bakers Assorted

Ukhisimusi ususeduze! Kubonakala ngokuthi zonke izitolo sekade zaqala ukupakisha amaBakers Assorted biscuits. Uwabona kuzo zonke izitolo in that beeeeg box, big enough to satisfy any family and bonke labangani abafika makudliwa kuphela. Into engifuna ukuyazi ukuthi iqhamukaphi lento yokuthi ngokhisimusi kufanele umuntu azigxishe ngama khekhe? And yini kufanele kube lawa specifically? Ashonaphi unyaka wonke aze aqhamuke ngelesisikhathi with such force? Read the rest of this entry »

Model C and the Kasi Gal

La eMzansi kukhona nhlobombili zamantomabazane: ama Model C nama Kasi gals – well…not really but you know what I mean.  Manje lendaba yamaKasi Gals nama Model C is very divisive ngoba as soon as you separate them you start to add value judgments. Empeleni kwenzeke kanjani ukuthi indawo ohlala kuyo ibe ukwaziwa kwakho- your identity? Read the rest of this entry »

Zuluz Out of Zone

“Ayikho into egqithi ikhaya. Mawuxakekile unezinkinga zakho, akukho ndawo, efana nekhaya lakho”

Amazwi aneqiniso ngempela lawa, ayikho indawo ozizwa ukhululekile njengase khaya. Kodwa ke, isimo sibuye sikuphoqe ukuthi uphume ekhaya uye ezindaweni ezikude nasekhaya in kilometres, language and cultures. Read the rest of this entry »

BigNuz, Tira noL’vovo

Nampo-ke oBig Nuz, DJ Tira no L’vovo baziqhenya ngobuZulu babo. Noma sebebonakala komabonakude kodwa they still keep it real.