Isinqumo esinzima

UKhisimusi_omuhle__Zulu_green

Kodwa bashana nike nibone ukuthi wonke umuzi womuntu omnyama, osweleyo nabadla izambane likampondobaba baba namabhisikidi njalo ngokhisimusi? Futhi akubi yinoma yimaphinje amabhisikidi kodwa, imvamisa kuba ngama Bakers Assorted Biscuits.

Abaningi engake ngababuza bangitshela ukuthi akusekona ukuthi basuke bewadinga amabhisikidi kodwa sekuyazenzekela ngesizathu sokuthi yinto abazalwa yenziwa ngabazala.

Ngonyaka odlule ngixoxele wonke umndeni wami nabangaziyo ukuthi angisayingeni eyokuthengana namabiscuits ngoba ngisho nezivakashi akuseyona into ezithokozela ukuzitshwa ngayo kuleminyaka ,i kwazivakashi lezo seziyivelakancane ngabokhisimusi .

Kwathi December 2012 ngiqhuba inqola yami yasesitolo ngidlula ngakumabhiskidi, ngawaziba isiZulu. Kuthe noma ihlo lithi lifuna ukuwabheka ngashalaza into eyoze iyolahlwa ngaze ngayoshaya ikhona. Yize unembeza wawulokhu ungixakile, kwathi uma sengimi kulayini wokukhokha ngazincoma ngazishaya isifuba ukuthi nginqobile, ngasho ngathi cha ngiyisikhokho sangempela.

Kwaba sengathi amabhiskidi ayangizwa. Ngathi ngithi ngiyaqinisela kwaba sengathi aseze angiqhweba enhliziyweni ukuthi ngiwalande. Ngabosathe ngiyaziba kwala. Uthe ulayini ususondela entombazaneni eshaya isisefo ngabona izinqola zabantu bonke ziphethe ama Bakers Assorted Biscuits kwangathi ngibaselwa ngomlilo obuqanduqandu. Kulaphoke ixhwele lase lingishaya okomuntu odla iwhhunga. Ngathi ngiphaphama ngasengishiye inqola yami sengimi lapho bekuhlezi khona amabhisikidi ebengiwazibile ekuqaleni. Eish! Kwabe kungasekho lutho lapho bekuhlezi khona amabhisikidi.

Umfana wase supermarket ebona ukudumala kwami wangitholela ibhokisi elincane nelikhulu lamabhiskidi abesale ngenhlanhla kwelinye lamashalofu, wathi angikhethe. Yimi lowaya ngihlwitha ibhokisi sengathi kukhona obezolithatha kuqala kunami. Mina lo ngibuyele kulayini sengiphethethe ibhokisi elikhuuulu lama Bakers Assorted Biscuits sengimamathekisa kungathi ngiwumuntu oqeda ukunqoba impi enzima. Eish!!! Ngizothini ekhaya kulonyaka??

 

Bakers Assorted

                                                                                                 

Ukhisimusi ususeduze! Kubonakala ngokuthi zonke izitolo sekade zaqala ukupakisha amaBakers Assorted biscuits. Uwabona kuzo zonke izitolo in that beeeeg box, big enough to satisfy any family and bonke labangani abafika makudliwa kuphela. Into engifuna ukuyazi ukuthi iqhamukaphi lento yokuthi ngokhisimusi kufanele umuntu azigxishe ngama khekhe? And yini kufanele kube lawa specifically? Ashonaphi unyaka wonke aze aqhamuke ngelesisikhathi with such force? Kuyacaca ukthi imali abayitholayo nge-festive is enough to sustain them for a year. Ngendlela adliwa ngawo lama khekhe ungaphika ukuthi anikana amandla nge-festive. But its all part of our modern customs! Ukhisimusi akasiwo ukhisimusi without them. Take them away… ungasale usuthatha nowo ukhisimusi!

Hhayi-ke bangani I’m gonna go eat my favourite Bakers Assorted biscuits… the pink wafer, what yours?

Senzeni ngomlando wethu?

                                                                              

The politics of the past – Apartheid. Ngiyazi ukuthi thina bantu abasha asizange sibe ama victims of ubandlululo as much as our parents and grandparents were, but looking at present day South Africa, ucabanga ukuthi people are dwelling in the ‘events’ of the past, or kanye  have we moved on from them? Ngempela ngempela kufaneke sizikhathaze yini ngokwenzeka phambilini, to the point where we let it that shape who we are today, noma do we acknowledge the fact that it shaped who we are thus far, and we should now move onto something different? Is it just umlando okufanele ushiy’we emalibrary noma kuma-museums, or is it still too fresh to be archived away, and no matter how much we try and avoid it, it will never be a separate part of us? Asikhulume, and let us know what you think bantu bakithi!.

 

Wena uhamba nobani?

Eish madoda, isimo sepolitiki eAfrika kulezi zinsuku simi kabi impela niyabona guys, and nalana eMzansi akukuhle kahle impela.
Sekumaqembhu-qembhu nje, and njengoba uhulumeni uncenga abasha ukuthi bayovota, sekunzima ngisho noku-decida. Mina nje Im stuck as to which party to vote for because bonke bathembisa izinto ezinhle, kodwa futhi kunokugxeka nokukhombana ngeminwe okuningi.
Kodwa akuve kubalulekile ukuvota, njengoba behlezi besho nje, ukuthi ‘it is your voice’, or else uku emigratha…lol, ngiyadlala, leli ilizwe elihle kabi, futhi elithembele kuthina intsha. So bafethu nithini nina ngendaba yokuvota??

Iziyalelo

Iyo! Ngafa iziyalelo zabazali nabanye abantu abadala! Ungafunga ukuthi ngiyofa la engiya khona kanti ngiya la egoli nje kuphela. Kade babe hamba bebuye! Ngiyazi ukuthi bakhuluma kanje ngoba bayangithanda kodwa hhayi kuyisicefe! Read the rest of this entry »

INDIDA NGE BEATBOXING

We bashana ake sivumelaneni lapha ngiyanicela please. Angithi uNkulunkulu wasipha imilomo ukuze sicule noma sikhulume noma sidle ukudla ngawo? UNkulunkulu wabe esesipha ingqondo ukuthi sakhe ama -instruments azophelezela umculo wethu akunjalo? Read the rest of this entry »

Miss Khozi fm

Mawuphile eKZN impilo yakho yonke ubuye ukhohlwe ukuthi kukhona abantu abangasazi isiZulu la eSouth Africa! Yonke indawo la uhamba khona bakhuluma ulimi olodwa kuphela – isiZulu. It’s simple. Fika-ke egoli! Iyo! Read the rest of this entry »

Zulu’s disappearing act

 

                                                                                         

 

Kulomhlaba esiphila kuwone manje, kubalulekile ukuthi usazi isingisi ukuze uphumelele. That’s a fact! Kodwa lokho kuzoba nayiphi imithelelo kulimi lethu isiZulu? Sidinga ukulondoloza ulimi lwethu ngoba kabalulekile kakhulu ukuthi sizazi ukuthi sobani njenge sizwe sakaZulu.Kancane kancane it feels like we losing touch with our language, kakhulukazi entsheni yanamhlanje: isingisi sihamba phambili. Singenza njani ukuthi ukugwema lenkinga, ukuthi iqhubeke?

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Umakoti nebhulukwe?…Hhayi kwaZulu!

Wola majimbozi intombi yakwaZulu kuthiwa kufanele igqoke ilokwe, isiketi, ingubo hhayi ibhulukwe. Kodwa manje osistaz bazigqokela noma yini ibhulukwe izikhindi nokunye okuthiwa intombi yomzulu akufanele ikugqoke. Kuthiwa uma igqoka amabhulukwe angeke igane noma uma iwagqoka isiganile angeke kube umuzi osile. But ke ingabe indlela yokugqoka kukhona lapho iphazamisa khona? Amajita amaningi athi awanankinga nebhulukwe emzini yawo kodwa abazali abaningi especial emakhaya abayizwa kahle eyebhulukwe kumakoti.

Umzulu aqonywe noma aqome umlungu noma indiya

KwaZulu kwakuyichilo ukuthi umuntu athandane nomlungu noma indiya kodwa esikhathini sanamuhla ongathi akunankinga. Ngisho ngoba sibona abantu abamnyama beshada noma bejola nabelungu kungabi ndaba zalutho. Lokho kwenziwa amajita nosistaz. So umbuzo omkhulu uthi ingabe akuselona ichilo yini? Noma vele kwakhona ekuqaleni abantu babekholelwa ezintweni ezingekho akunankinga ukuthi uthandana naluphi uhlobo lomuntu. Read the rest of this entry »