Isinqumo esinzima

UKhisimusi_omuhle__Zulu_green

Kodwa bashana nike nibone ukuthi wonke umuzi womuntu omnyama, osweleyo nabadla izambane likampondobaba baba namabhisikidi njalo ngokhisimusi? Futhi akubi yinoma yimaphinje amabhisikidi kodwa, imvamisa kuba ngama Bakers Assorted Biscuits.

Abaningi engake ngababuza bangitshela ukuthi akusekona ukuthi basuke bewadinga amabhisikidi kodwa sekuyazenzekela ngesizathu sokuthi yinto abazalwa yenziwa ngabazala.

Ngonyaka odlule ngixoxele wonke umndeni wami nabangaziyo ukuthi angisayingeni eyokuthengana namabiscuits ngoba ngisho nezivakashi akuseyona into ezithokozela ukuzitshwa ngayo kuleminyaka ,i kwazivakashi lezo seziyivelakancane ngabokhisimusi .

Kwathi December 2012 ngiqhuba inqola yami yasesitolo ngidlula ngakumabhiskidi, ngawaziba isiZulu. Kuthe noma ihlo lithi lifuna ukuwabheka ngashalaza into eyoze iyolahlwa ngaze ngayoshaya ikhona. Yize unembeza wawulokhu ungixakile, kwathi uma sengimi kulayini wokukhokha ngazincoma ngazishaya isifuba ukuthi nginqobile, ngasho ngathi cha ngiyisikhokho sangempela.

Kwaba sengathi amabhiskidi ayangizwa. Ngathi ngithi ngiyaqinisela kwaba sengathi aseze angiqhweba enhliziyweni ukuthi ngiwalande. Ngabosathe ngiyaziba kwala. Uthe ulayini ususondela entombazaneni eshaya isisefo ngabona izinqola zabantu bonke ziphethe ama Bakers Assorted Biscuits kwangathi ngibaselwa ngomlilo obuqanduqandu. Kulaphoke ixhwele lase lingishaya okomuntu odla iwhhunga. Ngathi ngiphaphama ngasengishiye inqola yami sengimi lapho bekuhlezi khona amabhisikidi ebengiwazibile ekuqaleni. Eish! Kwabe kungasekho lutho lapho bekuhlezi khona amabhisikidi.

Umfana wase supermarket ebona ukudumala kwami wangitholela ibhokisi elincane nelikhulu lamabhiskidi abesale ngenhlanhla kwelinye lamashalofu, wathi angikhethe. Yimi lowaya ngihlwitha ibhokisi sengathi kukhona obezolithatha kuqala kunami. Mina lo ngibuyele kulayini sengiphethethe ibhokisi elikhuuulu lama Bakers Assorted Biscuits sengimamathekisa kungathi ngiwumuntu oqeda ukunqoba impi enzima. Eish!!! Ngizothini ekhaya kulonyaka??

 

Comments are closed.