INDIDA NGE BEATBOXING

We bashana ake sivumelaneni lapha ngiyanicela please. Angithi uNkulunkulu wasipha imilomo ukuze sicule noma sikhulume noma sidle ukudla ngawo? UNkulunkulu wabe esesipha ingqondo ukuthi sakhe ama -instruments azophelezela umculo wethu akunjalo?

Pho manje sekwenzenjani manje kunina bantu abasha? Ngisho phela ngoba thina sesibona senicijisa imilomo nibuye nibhibhidle, nincincize, nibhodlise okwamabhubesi, nihoshozise amazwi okwesihlabathi solwandle sihushwa ngumoya, kuthi kusenjalo nizwakale   seniklewula. Umangilalela kahle ngiyezwa ukuthi nidlala izinsimbi zebhendi. Kungathi kudlala amadrums, kubengathi kudlala amacilongo neziginci zangempela.

Cha niyayidabula yona lento yenu ekuthiwa yiBeatboxing bashana, ngeke nganidlela umona. Angazi kwakuthi nayicabanga kanjani nokuthi kwakwenzenjani nize niyicabange. Kodwa okungixakayo yilokhu;  Nixakwe yini ngempela ningaze nicishe nizilume ulimi nenza lento ngoba akhona nje amadrums nawowonke ama instruments o music ezitolo?

Niyothini uma uNkulunkulu esenibuza ukuthi nenzani ngemilomo yenu. Bashana Imilomo eyokukhuluma nokucula nokudla, hhayi lokhu enikwenzayo. Nithinike senzenjani? Siqhubeke nokwakha amainstruments noma siyeke ngoba nina bashana senifike nokusha?

Comments are closed.