Miss Khozi fm

Mawuphile eKZN impilo yakho yonke ubuye ukhohlwe ukuthi kukhona abantu abangasazi isiZulu la eSouth Africa! Yonke indawo la uhamba khona bakhuluma ulimi olodwa kuphela – isiZulu. It’s simple. Fika-ke egoli! Iyo! Bengazi vele ukuthi kukhulunywa isiSuthu la egoli but knowing something intellectually is very different from knowing it for real! Inkinga is I only know two words in Sesotho: “aketsibi Sesotho”! Manje wonke umuntu engihlangana naye ukhuluma isisuthu! Ngibuye nginqene nokubanqamula besakhuluma ngibatshele amagama ami amabili!

Ngelinye ilanga bekufanele ngigibele itekisi. Manje amarenki asegoli makhulu ngalendlela exakile ngaphoqeka ukuthi ngibuze ukuthi amatekisi engiwafunayo amaphi. Ngabuza ubhutiza osebenza khona erenki okade ehleli nabangan’ bakhe. Waqala wakhuluma isisuthu sakhe ngamutshela-ke amagama ami amabili. Wamane waphela amandla watshela umngani wakhe ukuthi akhulume nami. Wasengitshela ukuthi kufanele ngifunde other languages and then wangibiza ngoMiss Khozi-fm! Wtf? Ngathi kuzofanele ngifunde more than two words! Kuqalwa ngaphi ukufunda ama-language, kulama-languages amaningi kangaka egoli?… Aningibonise bakwethu

Comments are closed.