Umakoti nebhulukwe?…Hhayi kwaZulu!

Wola majimbozi intombi yakwaZulu kuthiwa kufanele igqoke ilokwe, isiketi, ingubo hhayi ibhulukwe. Kodwa manje osistaz bazigqokela noma yini ibhulukwe izikhindi nokunye okuthiwa intombi yomzulu akufanele ikugqoke. Kuthiwa uma igqoka amabhulukwe angeke igane noma uma iwagqoka isiganile angeke kube umuzi osile. But ke ingabe indlela yokugqoka kukhona lapho iphazamisa khona? Amajita amaningi athi awanankinga nebhulukwe emzini yawo kodwa abazali abaningi especial emakhaya abayizwa kahle eyebhulukwe kumakoti.
 
Umbuzo omkhulu uthi indlela yokugqoka iphazamisa kuphi? Abantu abadala bakholelwa ukuthi if intombi igqoka ibhulukwe iyisifebe. But omunye umbuzo uthi ingabe abagqoka amabhulukwe abayizifebe kuphela? Abanye bathi indlela yokugqoka ayisho lutho kuba kumuntu ukuthi uziphethe kanjani. Ingabe kwakuright kuqala ukuthi umakoti angagqoki ibhulukwe,ukuthi thina sesiphila isilungu. Iyiphi indlela engcono yokugqoka. Ngoba kwasona isiketi kuthiwa kufanele sifike emaqakaleni hhayi ukuthi sigcine emadolweni.
 
Majita nithanda omakoti noma izintombi zenu zigqoke kanjani? Bositaz ningathanda ukuthi nigane indoda ezothi cha ibhulukwe emzini wami noma lapho uzogqoka khona into oyithandayo? Yikuphi okuright. Phawulani nani bazali nifuna omakoti nomolakazana bagqoke kanjani?

Comments are closed.