Umzulu aqonywe noma aqome umlungu noma indiya

KwaZulu kwakuyichilo ukuthi umuntu athandane nomlungu noma indiya kodwa esikhathini sanamuhla ongathi akunankinga. Ngisho ngoba sibona abantu abamnyama beshada noma bejola nabelungu kungabi ndaba zalutho. Lokho kwenziwa amajita nosistaz. So umbuzo omkhulu uthi ingabe akuselona ichilo yini? Noma vele kwakhona ekuqaleni abantu babekholelwa ezintweni ezingekho akunankinga ukuthi uthandana naluphi uhlobo lomuntu.

Ngikhule kuthiwa if ngithandana nomlungu ngizofulathelwa idlozi.I wonder if there is anyone owashada nolunye uhlanga wabe esefulathelwa idlozi.Ingabe abantu abadala babebalekela ukuhlala nolunye uhlanga lwabantu emindenini yabo noma kuyiqiniso ngempela lokho? Uma nihlezi nolova nosistaz nithi aninankinga nokujola noma ukuganwa umlungu as long nithandana.Hhaybo, sekuwukulahla isiko nokungalaleli izeluleko zabazali phela lokho. Wena ungayivumela ingane yakho ishade nomlungu noma indiya. Bashana kurght noma kuwrong ukujola nolunye uhlanga? Khulumani.

Comments are closed.