AA: Alcohol Appreciation

Wola majita  nosistaz kuphuzwani kulelihlobo, nawu nokhisimuzi usemnyango. Uphuzo olunamandla ilona oluhamba phambili ngezinsuku zokuzijabulisa, ngisho utshwala phela! Kodwa ke njengama Zulu siphuza hlobo luni? Kuyaziwa ukuthi thina kwaZulu kwakugaywa utshwala besiZulu, izinsizwa zibuphuze bese zishaya ingoma zisine. Osistaz bona babegaya amahhewu baphuze wona.

Ngibona sengathi siphuza obesilungu kakhulu manje magents. If umnumzane othile enza umncimbhi kufanele athenge ubhiya. Hhayi noma yimuphi ubhiya kodwa amajita afuna uhlobo oluthize like Heineken namaAmstel. Lapho ke sizofika ngezinkani kodwa if kuwumqombothi kuphela sibona ongathi siyalahla ezinganeni (girls). Futhi amajita awasasini kodwa avulela amaHome Theatre kusho isgubhu kudlalwe iHouse noma iKwaito music.

Oh! Kanti hhayi ukuthi amajita kuphela enza lokho, osistaz nabo abasawafaki nhlobo amahhewu emlonyeni kodwa kuba amaSavanna namaRed Square ngiyakutshela wena, um’Zulu wanamuhla lowo. Lapho osistaz bajayiva sengathi abanamathambo. Akusashaywa zandla kusinwe, kusha ingoma ku-radio. Amanye amathekeni aphuza ngisho wona lo bhiya ophuzwa amajita.

Manje ke, mina I have one thing to ask, is this true: If you drink Zulu beer you are boring and if uyithekeni ephuza amahhewu awukho estayeleni, nithini majita nani bosistaz?



Comments are closed.