Heita bashana!

Angingabazi ukuthi niyabazi omalume, mina-ke ngiyilomalume obazi kahle abantu abasha. Umahluko wukuthi ngibazi ngendlela yami okungenzeka ingafani neyenu bantu abasha. Njengabobonke omalume nginemibono yami, the only difference of this malume wukuthi ANGIZWA MSHINI.

Mina ngithatha lokhu omalume abaningi abakusho ngenhliziyo ngikuphimisele ngamazwi ukuze phela bazi abashana ukuthi sihlelinje sicabangani ngabo. Noma kumnandi noma kumuncu kodwa inqobo nje wukuthi ngizokusho nikwazi bashana bami.

Well wena-ke ongakwenza will depend on umfutho wakho ngalokho okuzwayo. Uma kukufuthelanisa ungavumi ukuthi uze uqhume, shaya nawe ngoba kangilona igwala mina angesabi ukunyakaziswa yizintwana ngoba ngiyazi ukuthi nazo ziyakudinga ukubhodla. Uma ufuna ukukhiphela isibhongo sakho kimina woza kimi ngikulindele. Uma ucasulwe ekhaya kodwa usaba ukubatshela iqiniso yiza uzobhodlela lapha kimi.  Kwesinye isikhathi abazali sibabona njengamabhubesi asabekayo anolaka. Yize-ke nabo omalume bengamabhubesi kodwa baye bazithobe kubashana babo futhi bayalalela.

NgiwumZulu ngiyahlonipha ngiyazi nani niyahlonipha bashana kodwa asingenqeni ukutshelana amaqiniso.

Kokwasebumnandini-ke kona ningangimema uma nithanda kodwa angi galanti ukuthi  noma ikanjani ngiyophumelela..Well, asazaneni-ke. Mina nginegama lesingisi nesibongo sesizulu ngingu Ankelz wakwa Malume. Ungangibiza gegama noma ngesibongo kuyafana-nje kumina.

Ningakhohlwa bashana ukuthi kuningi okunye ongakuthola lapha kwa ZULUZ.

Comments are closed.