INDIDA NGE BEATBOXING

We bashana ake sivumelaneni lapha ngiyanicela please. Angithi uNkulunkulu wasipha imilomo ukuze sicule noma sikhulume noma sidle ukudla ngawo? UNkulunkulu wabe esesipha ingqondo ukuthi sakhe ama -instruments azophelezela umculo wethu akunjalo? Read the rest of this entry »

Umzulu aqonywe noma aqome umlungu noma indiya

KwaZulu kwakuyichilo ukuthi umuntu athandane nomlungu noma indiya kodwa esikhathini sanamuhla ongathi akunankinga. Ngisho ngoba sibona abantu abamnyama beshada noma bejola nabelungu kungabi ndaba zalutho. Lokho kwenziwa amajita nosistaz. So umbuzo omkhulu uthi ingabe akuselona ichilo yini? Noma vele kwakhona ekuqaleni abantu babekholelwa ezintweni ezingekho akunankinga ukuthi uthandana naluphi uhlobo lomuntu. Read the rest of this entry »

Ngizokumitha emuvini

Unkle says: Bewazi?

Mshana thatha nansi ithiphu oyinikwa wu unkelza. Ngivamise ukuzwa uma nenza ama appointmente okuhlangana  nezithathandwa zenu ebhayisikobho nivese nithi “ngizokumitha emuvini”

Niyazinje ukuthi “ukumitha” means fall pregnant and “umvini” means vineyard. Uma uthi ngizokumitha umuvini usho  ukuthi “I’ll fall pregnant in the vineyard”

So,if ungamfici umuntu wakho ekulinde ecinema, hamba uyombheka ku vineyard eseduze ungase umthole ekulinde khona futhi ezimisele.

Nithini ngiqhubeke ngininike amathiphu ngezinto enizenza ningaqondi?

Hhayi kabi bashana.